I-adopshini isho ukwamukela ukuba ngumgadi ngokomthetho wengane, ngokulandela inqubo yosiko nesemthethweni yengane engeyabanye abazali ngokuzalwa.
Ubaba ngokuzala wengane ezalelwe ngaphandle komendo.
Umyalelo we-adopshini ukhishwa yinkantolo yezingane ekudistriki lapho ingane ehlala khona.
Inkantolo yezingane ingakhipha umyalelo ngemuva kokubunelela umbiko obekiwe owenziwe ngusonhlalonhle ogunyaziwe ngokomthetho.
Yenza isicelo somyalelo we-adopshini enkantolo yezingane ekudistriki yalapho ingane ezothathwa ngokothemthetho ehlala khona. Ngoba zonke izinkantolo zomantshi zisebenza njengezinkantolo zezingane, ungenza isicelo kumabhalane wenkantolo yezingane.
Umsizi wenkantolo uzothi, uma lokhu kungakenziwa, acela usonhlalonhle ogunyaziwe ukuthi aphenyisise ngesicelo.
Ekugcineni kwesiphenyisiso, usonhlalonhle uzonkeza umbiko kwinkantolo yezingane lapho okwenziwe khona isicelo. Ngaphandle kokuba kudingwa yinkantolo, umbiko ngeke wadalula ukuthi ngobani nokuthi bakuthi abazali abafuna ukuthatha ingane ibe ngeyabo ngokomthetho - noma ingane, uma isivele ingakubo - ngaphandle kwemvume ebhaliwe.
Uma inkantolo yeneliseka ngombiko, kanye nanoma yiluphi olunye ulwazi ngabazali abafuna ukuthatha ingane ngokomthetho bayenze eyabo, ingathi ngokubona kwayo, ibonelele isicelo ebese ikhipha umyalelo we-adopshini ngaphandle kokulalela omunye umuntu. Kodwa ingenza lokho kuphela uma kungekho ophikisa isicelo.
Uma isicelo singakaphethwa, noma singeke saphethwa, kuyobekwa usuku lokulalela udaba lwesicelo enkantolo yezingane. Umabhalane wenkantolo yezingane uyokhipha inothisi kwi-Form 1A Notice to prospective adoptive parents ukwazisa abazali abafuna ukuthatha ingane ngokomthetho ukubazisa ngokulalelwa kodaba.
Abazali bokuzala bengane ngeke babakohna enkantolo ngesikhathi sokulalelwa kodaba lwe-adopshini yengane yabo, ngaphandle kokuba inkantolo, ngokubona kwayo ibavumela ukuthi babekhona, uma inkantolo ibona ukuthi ukubakhona kwabo kuzobonelela isidingo sengane.
Inkantolo ingacela abazali noma umgadi wengane ukuthi bakhiphe imvume ebhaliwe. Inkantolo ingacela nemvume ebhaliwe yengane uma ingaphezulu kweminyaka engu-10, kanti inkantolo yeneliseka ukuthi ingane iyaqondisisa ngodaba nokubaluleka kokuvuma.
Uma kunoma yisiphi isigaba sokulalelwa kodaba, inkantolo ibona ukuthi kukhona izizathu ezibambekayo zokuthi ingaceli imvume ebhaliwe yabazali ngokuzala ingane, inkantolo ingacela umabhalane wenkantolo yezingane ukuthi akhiphe inothisi noma i-Form 22 ye-Notice to parent to advance reasons in terms of regulation 21 , 21 kulowo mzali. Inothisi izocela umzali ukuthi avele enkantolo yezingane uma efuna ukunikeza izizathu zokuthi kungani ukuvuma kwakhe kumele kungabekelwa eceleni.
oinothisi yanikezwa ngokufanele kumzali kanti futhi asikho isizathu esibambekayo sokuthi umzali ehluleke ukuvela enkantolo, inkantolo ingathi ngokushesha ilalele udaba ebese ikhipha isehlulelo sodaba.
o lapho inothisi efanele ibingeke yanikezwa umzali, inkantolo ingathi, ngokubona kwayo, ikhiphe inothisi kumzali futhi, uma ingabona kufanele, noma ngokushesha ilalele udaba ebese ikhipha isehlulelo sodaba.
Lapho inkantolo yezingane ibonelela isicelo se-adopshini, ukunikezwa kumbiko obhaliwe onikezwa ngusonhlalonhle ogunyaziwe , noma omunye umuntu onegunya, lokhu kuyoba wubufakazi obanele ngendikimba yalokho okufakwe kumbiko.
Noma yiluphi uhlangothi oluthinteka ngokuqonde ngqo ngombiko, lungacela uktuhi indikimba yombiko idalulwe. Lokhu kuyokwenziwa ekulalelweni kodaba.
Ukhomishana oqondene nodaba, uyochaza ngokucacile kuhlangothi oluthintekayo imiphumela yokuhluleka ukuphikisa umbiko kanye nokuphikisa izitatimende ezivela kumbiko.
Ekulalelweni kwesicelo, umenzi wesicelo kanye nomzali okhishelwe inothisi, bayoba namalungelo afanayo kanye namandla njengomuntu osodabeni lwesinyathelo senkantolo kamantshi engeyona eyamacala obugebengu ngokulandela ukupheqululwa nokuphequlula ngemibuzo ofakazi , ukunikeza ubufakazi kanye nokukhuluma nenkantolo.
Isikhathi sokubonelela isicelo sincike kusixaka-xaka sesicelo.
Inothisi yomzali wengane ezothathwa ngabanye izonikeza imininingwane eyenele noma izizathu zokungaceli imvume yabo yokukuthi ingane ithathwa ngabanye ukuyenza eyabo. Inothisi izonikezwa okungenani ezinsukwini ezingu-21 ngaphambi kosuku lokulalelwa kodaba.
Uma umama wengane enqaba ukunikeza ukuvuma, kuyokwenziwa isicelo enkantolo yezingane kungakapheli izinsuku ezingu-14.
Ubaba wengane ngokuzala, ezalelwe ngaphandle komshado, uyothi kungakapheli izinsuku eziyisikhombisa, zokukhishwa komyalelo wenkantolo, enze isicelo sokushintsha imininingwane yakhe kumadokhumende okubhalisa ukuzalwa kwengane.
Ngemuva kokufakela isicelo sesichibiyelo, ubaba wengane ngokuzala, ezalelwe ngaphandle komshado, uyokwazisa umabhalane wenkantolo yezingane lapho okwenziwe khona isicelo se-adopshini yengane. Kumele enze lokho ngokubhala, achaze nosuku, nendawo lapho enze khona isicelo sesichibiyelo.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
